Lumina
2Chronicles

Jotham's Reign

2Chronicles 27·Zulu Bible

1UJothamu wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; igama likanina lalinguJerusha indodakazi kaSadoki.

2Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo u-Uziya, kepha akangenanga ethempelini likaJehova. Abantu babesasebenza ukonakala.

3Wakha iSango Lasenhla lendlu kaJehova; nasogangeni lwase-Ofeli wakha okuningi.

4Wakha imizi ezintabeni zakwaJuda; emahlathini wakha izinqaba nemibhoshongo.

5Walwa nenkosi yabantwana bakwa-Amoni, wabahlula. Abantwana bakwa-Amoni bamnika ngawo lowo mnyaka amatalenta ayikhulu esiliva, namakhora ayizinkulungwane eziyishumi kakolweni, nawebhali ayizinkulungwane eziyishumi. Lokho-ke abantwana bakwa-Amoni bakuyisa kuye nangomnyaka wesibili nangowesithathu.

2Chronicles 27 illustration - 2Chronicles Chapter 27

6UJothamu waba namandla, ngokuba walungisa izindlela zakhe phambi kukaJehova uNkulunkulu wakhe.

7Ezinye izindaba zikaJothamu, nakho konke ukulwa kwakhe, nezindlela zakhe, bheka, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nakwaJuda.

8Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema.

9UJothamu wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; u-Ahazi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Chapter Complete

You have read 2Chronicles 27

9 verses