1UJehoshafati indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe, waziqinisa ukulwa no-Israyeli.
2Wabeka amabutho emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda, wabeka amakhanda ezweni lakwaJuda, nasemizini yakwa-Efrayimi u-Asa uyise ayithathileyo.
3UJehova wayenaye uJehoshafati, ngokuba wahamba ngezindlela zokuqala zikayise uDavide, akafunanga oBali,
4kepha wafuna uNkulunkulu kayise, wahamba ngemiyalo yakhe, kungengakwenza kuka-Israyeli.
5Ngalokho uJehova wawuqinisa umbuso esandleni sakhe; wonke uJuda wathela intela kuJehoshafati, wayenengcebo nodumo olukhulu.

6Inhliziyo yakhe yaphakanyiswa ezindleleni zikaJehova; futhi wasusa izindawo eziphakemeyo nawo-Ashera kwaJuda.
7Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwakhe wathuma izikhulu zakhe oBeni Hayili, no-Obadiya, noZakariya, noNethaneli, noMikhaya ukuba zifundise emizini yakwaJuda,
8zinamaLevi oShemaya, noNethaniya, noZebadiya, no-Asaheli, noShemiramoti, noJehonathani, no-Adoniya, noThobiya, noThobi Adoniya, amaLevi, beno-Elishama noJehoramu, abapristi.
9Base befundisa kwaJuda benencwadi yomthetho kaJehova; bazungeza baya emizini yonke yakwaJuda, bafundisa phakathi kwabantu.
10Kwehlela ingebhe ngoJehova phezu kwayo yonke imibuso yamazwe eyayinxazonke zakwaJuda, ayilwanga noJehoshafati.

11AmaFilisti athile aletha izipho kuJehoshafati, nesiliva lentela; nabase-Arabiya baletha kuye imihlambi, izinqama eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa nezimpongo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa.
12UJehoshafati wayelokhu ekhula njalo, waze waba mkhulu kakhulu; wakha izinqaba nemizi yokubekelela kwaJuda.
13Wayenemisebenzi eminingi emizini yakwaJuda kanye namadoda empi, amaqhawe anamandla, eJerusalema.
14Nakhu ukubalwa kwabo njengezindlu zawoyise: kwaJuda: izinduna zezinkulungwane: ngu-Adina induna, enamaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amathathu;
15emva kwakhe kwakunguJehohanani induna, enezinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisihiyagalombili;

16emva kwakhe kwakungu-Amasiya indodana kaZikiri, owazinikela ngenhliziyo kuJehova, enamaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amabili;
17kwaBenjamini: ngu-Eliyada, iqhawe elinamandla, enabahlome iminsalo nezihlangu abayizinkulungwane ezingamakhulu amabili;
18emva kwakhe kwakunguJehozabadi, enabahlomele impi abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.
19Yilabo ababekhonza inkosi ngaphandle kwalabo inkosi eyababeka emizini ebiyelweyo kulo lonke lakwaJuda.
You have read 2Chronicles 17
19 verses