Lumina
2Chronicles

Asa's Failure

2Chronicles 16·Zulu Bible

1Ngomnyaka wamashumi amathathu nesithupha wokubusa kuka-Asa, uBahasha, inkosi yakwa-Israyeli, wakhuphuka ukuhlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku-Asa inkosi yakwaJuda.

2U-Asa wakhipha isiliva negolide engcebeni yendlu kaJehova nasendlini yenkosi, wathumela kuBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu owahlala eDamaseku, wathi:

3“Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe, njengalokho sasikhona phakathi kukababa noyihlo; bheka, ngithuma kuwe isiliva negolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBahasha inkosi yakwa-Israyeli ukuba asuke kimi.”

4UBeni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa-Israyeli; zanqoba i-Ijoni, neDani, ne-Abela Mayimi, nayo yonke imizi yokubekelela yakwaNafetali.

5Kwathi lapho uBahasha esekuzwile lokho, wayeka ukwakha iRama, wamisa umsebenzi wakhe.

2Chronicles 16 illustration - 2Chronicles Chapter 16

6Kepha u-Asa inkosi wahamba naye wonke uJuda; basusa amatshe aseRama nemithi yalo uBahasha ayelakhe ngakho; wakha ngakho iGeba neMispa.

7Ngaleso sikhathi kweza uHanani, umboni ka-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngokuba wencike enkosini yase-Aramu, ungencikanga kuJehova uNkulunkulu wakho, ngalokho impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho.

8AmaKushe namaLubi ayengesiyo impi enkulu yini, inezinqola nabamahhashi abaningi kakhulu na? Kepha ngenxa yokwencika kwakho kuJehova wawanikela esandleni sakho.

9Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenze ngobuwula kule nto, ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.”

10U-Asa wacunuka ngomboni, wamfaka endlini yezitokisi, ngokuba wamfutha ngenxa yale nto. U-Asa wabadlova nabathile babantu ngaleso sikhathi.

2Chronicles 16 illustration - 2Chronicles Chapter 16

11Bheka, izindaba zika-Asa, ezokuqala nezokugcina, bheka-ke, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli.

12Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye wokubusa kwakhe u-Asa waba nesifo ezinyaweni zakhe; isifo sakhe sasinzima kakhulu; kepha akafunanga uJehova esifweni sakhe, izinyanga zodwa.

13U-Asa wayeselala koyise, wafa ngomnyaka wamashumi amane nanye wokubusa kwakhe.

14Bammbela emathuneni akhe owayeziqophele wona emzini kaDavide, bambeka embhedeni ogcwele iphunga elimnandi namakha ayizinhlobonhlobo, alungisiwe ngokwenza komthaki; bamenzela ukushisa kwempepho okukhulu kakhulu.

Chapter Complete

You have read 2Chronicles 16

14 verses