Lumina
2Chronicles

Rehoboam's Reign

2Chronicles 11·Zulu Bible

1URehobowamu esefikile eJerusalema wabutha indlu yakwaJuda noBenjamini, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihiyagalombili, amabutho, ukuba balwe no-Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu.

2Lase lifika izwi likaJehova kuShemaya umuntu kaNkulunkulu, lathi:

3“Khuluma kuRehobowamu indodana kaSolomoni, inkosi yakwaJuda, nakuye wonke u-Israyeli kwaJuda noBenjamini, ngokuthi:

4‘Usho kanje uJehova, uthi: Aniyikukhuphuka, ningalwi nabafowenu; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe, ngokuba le nto ivela kimi.’ ” Balalela amazwi kaJehova, babuya ekumhlaseleni uJerobowamu.

5URehobowamu wahlala eJerusalema, wakha imizi ukuba ibe yizinqaba kwaJuda.

2Chronicles 11 illustration - 2Chronicles Chapter 11

6Wakha iBetlehema, ne-Etamu, neThekhowa,

7neBeti Suri, neSoko, ne-Adulamu,

8neGati, neMaresha, neZifi,

9ne-Adorayimi, neLakishi, ne-Azeka,

10neSora, ne-Ajaloni, neHebroni, ekwaJuda nakwaBenjamini, imizi ebiyelweyo.

2Chronicles 11 illustration - 2Chronicles Chapter 11

11Waziqinisa izinqaba, wabeka izinduna kuzo, nokudla, namafutha, newayini.

12Emizini yonke, yileyo naleyo, wabeka izihlangu nemikhonto, wayiqinisa kakhulu impela. ElakwaJuda nelakwaBenjamini lalingelakhe.

13Abapristi namaLevi ayekwa-Israyeli wonke bazihlanganisa naye bephuma emikhawulweni yonke.

14Ngokuba amaLevi ashiya amadlelo awo nefa lawo, aya kwaJuda naseJerusalema, ngokuba uJerobowamu namadodana akhe bawalahla ukuba angabe esaba ngabapristi bakaJehova,

15wazimisela abapristi bezindawo eziphakemeyo, nabamademoni, nabamathole awenzileyo.

2Chronicles 11 illustration - 2Chronicles Chapter 11

16Emva kwabo kwaphuma ezizweni zonke zakwa-Israyeli abanhliziyo zabo zibhekiswe ukufuna uJehova uNkulunkulu wakwa-Israyeli, bafika eJerusalema ukuhlabela uJehova uNkulunkulu wawoyise.

17Base bewuqinisa-ke umbuso wakwaJuda, benza uRehobowamu indodana kaSolomoni waba namandla iminyaka emithathu, ngokuba bahamba iminyaka emithathu endleleni kaDavide noSolomoni.

18URehobowamu wazithathela umfazi, uMahalati, indodakazi kaJerimoti indodana kaDavide neka-Abihayili, indodakazi ka-Eliyabe, indodana kaJese.

19Wamzalela amadodana: ngoJewushe, noShemariya, noZahamu.

20Emva kwakhe wathatha uMahakha, indodakazi ka-Abisalomu; wamzalela o-Abiya, no-Athayi, noZiza, noShelomiti.

2Chronicles 11 illustration - 2Chronicles Chapter 11

21URehobowamu wamthanda uMahakha indodakazi ka-Abisalomu phezu kwabo bonke abafazi bakhe nezancinza zakhe, ngokuba wathatha abafazi abayishumi nesishiyagalombili nezancinza ezingamashumi ayisithupha, wazala amadodana angamashumi amabili nesishiyagalombili namadodakazi angamashumi ayisithupha.

22URehobowamu wabeka u-Abiya, indodana kaMahakha, abe yinhloko, abe ngumbusi phakathi kwabafowabo, ngokuba wacabanga ukumbeka inkosi.

23Wenza ngokuhlakanipha, wahlakaza onke amadodana akhe emazweni onke akwaJuda noBenjamini, emizini yonke ebiyelweyo, wawanika ukudla okuningi, wawafunela abafazi abaningi.

Chapter Complete

You have read 2Chronicles 11

23 verses