Lumina
1Samuel

David at Ziklag

1Samuel 30·Zulu Bible

1Kwathi uDavide nabantu bakhe sebefikile eSikilagi ngosuku lwesithathu, ama-Amaleki ayengenele eNingizimu naseSikilagi, alichitha iSikilagi, alishisa ngomlilo,

2athumba abesifazane ababe phakathi, abancane nabakhulu engabulalanga muntu, abamukisa, ahamba indlela yawo.

3Lapho uDavide nabantu bakhe befika emzini, bheka, wawushisiwe ngomlilo; omkabo, namadodana abo, namadodakazi abo babethunjiwe.

4UDavide nabantu ababe naye base bedazuluka, bekhala, baze bangabe besaba namandla okukhala.

5NawomkaDavide bobabili babethunjiwe, o-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili umkaNabali waseKarmeli.

1Samuel 30 illustration - 1Samuel Chapter 30

6UDavide wayehlupheka kakhulu, ngokuba abantu bekhuluma ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa kuJehova uNkulunkulu wakhe.

7UDavide wathi ku-Abiyathara umpristi, indodana ka-Ahimeleki: “Ake ulethe kimi ingubo yamahlombe.” U-Abiyathara wayiletha ingubo yamahlombe kuDavide.

8UDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngixoshe lelo viyo na? Ngingalifica na?” Wamphendula wathi: “Xosha, ngokuba uyakulifica impela, ukhulule konke.”

9Wayesehamba uDavide, yena nabantu abangamakhulu ayisithupha ababe naye, wafika emfudlaneni iBesori, lapho kwahlala khona amasalela.

10Kodwa UDavide waxosha, yena nabantu abangamakhulu amane, ngokuba abangamakhulu amabili basala emuva, bezukekile ukuze bangaweli umfudlana iBesori.

1Samuel 30 illustration - 1Samuel Chapter 30

11Bafumana owaseGibithe endle, bamyisa kuDavide, bamnika isinkwa, wadla; bamphuzisa amanzi;

12bamnika nocezu lwesigaxa samakhiwane, nezigaxa ezimbili zezithelo zomvini ezomileyo; esedlile kwabuyela kuye umoya wakhe, ngokuba wayengadlanga sinkwa, engaphuzanga manzi, izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.

13UDavide wathi kuye: “Ungokabani na? Uvelaphi na?” Wathi: “Ngiyinsizwa yaseGibithe, inceku yomAmaleki, kepha inkosi yami yangishiya, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu ngigula.

14Sangenela ngaseningizimu yamaKhereti, nakwelakwaJuda, naseningizimu kaKalebi, salishisa iSikilagi ngomlilo.”

15UDavide wathi kuye: “Ungangehlisela kulelo viyo na?” Wathi: “Funga kimi uNkulunkulu ukuthi awuyikungibulala, unganginikeli ezandleni zenkosi yami, ngiyakukwehlisela kulelo viyo.”

1Samuel 30 illustration - 1Samuel Chapter 30

16Wayesemehlisa; bheka, babehlakazekile endaweni yonke, bedla, bephuza, besina phakathi kwayo yonke impango ababeyithathile ezweni lamaFilisti nasezweni lakwaJuda.

17UDavide wababulala kusukela ekuhweleleni kuze kuhlwe ngangomuso, akwaphunyuka muntu kubo, kuphela izinsizwa ezingamakhulu amane ezazikhwela amakamela, zabaleka.

18UDavide wakhulula konke okwakuthathwe ngama-Amaleki, uDavide wakhulula nawomkakhe bobabili.

19Akwasilala muntu, omncane noma omkhulu, namadodana noma amadodakazi, nempango noma okunye ababezithathele khona; uDavide wabuyisa konke.

20UDavide wathatha zonke izimvu nezinkomo; baziqhuba phambi kwakhe, bathi: “Yimpango kaDavide le.”

1Samuel 30 illustration - 1Samuel Chapter 30

21UDavide wafika kulabo bantu abangamakhulu amabili ababezukekile, bengenakumlandela uDavide, ababebahlalisile ngasemfudlaneni iBesori; baphuma ukumhlangabeza uDavide nokuhlangabeza abantu ababenaye; uDavide esesondela kubantu wababingelela.

22Base bethatha bonke abantu ababi nabonakeleyo kulabo ababehamba noDavide, bathi: “Njengokuba bengahambanga nathi, asiyikubanika lutho empangweni esiyikhululile, kuphela ukuba yileyo naleyo ndoda inikwe umkayo nabantwana bayo, bamuke nabo, bahambe.”

23Wayesethi uDavide: “Aniyikwenza kanjalo, bafowethu, ngalokho esikuphiwe nguJehova osilondolozile, wanikela esandleni sethu iviyo elasihlasela.

24Ngubani oyakunilalela kule ndaba na? Ngokuba njengesabelo sowehlele empini siyakuba njalo isabelo salowo owasala nempahla; bayakwabelwa ngokulingeneyo.”

25Kwaba njalo kusukela kulolo suku kuya phambili; wamisa isimiso nomthetho kwa-Israyeli kuze kube namuhla.

1Samuel 30 illustration - 1Samuel Chapter 30

26UDavide esefike eSikilagi wathuma enye impango kumalunga akwaJuda nakubo abangane bakhe, ethi: “Bhekani, naso isipho senu sempango yezitha zikaJehova:”

27kwabaseBethele, nakwabaseRamoti laseNingizimu, nakwabaseJatiri,

28nakwabase-Aroweri, nakwabaseSifimoti, nakwabase-Eshitemowa,

29nakwabaseRakali, nakwabasemizini yamaJerameli, nakwabasemizini yamaKheni,

30nakwabaseHorma, nakwabaseBori Ashani, nakwabase-Athaki,

1Samuel 30 illustration - 1Samuel Chapter 30

31nakwabaseHebroni, nasezindaweni zonke lapho uDavide uqobo nabantu bakhe bebejwayele ukuhamba khona.

Chapter Complete

You have read 1Samuel 30

31 verses