Lumina
1Samuel

Saul Rejected as King

1Samuel 15·Zulu Bible

1USamuweli wathi kuSawule: “UJehova wangithuma ukuba ngikugcobe ube yinkosi phezu kwabantu bakhe u-Israyeli; ngalokho lalela amazwi kaJehova.

2Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ngiyakuhambela umAmaleki ngalokho akwenzayo ku-Israyeli wamelana naye endleleni ekukhuphukeni kwakhe eGibithe.

3Hamba manje, unqobe u-Amaleki, uchithe impela konke anakho, ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa, nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.’ ”

4USawule wayesebiza abantu, wababala eThelayimi, izinkulungwane ezingamakhulu amabili zemigundatshani nezinkulungwane eziyishumi zabantu bakwaJuda.

5USawule wafika emzini ka-Amaleki, waqamekela esigodini.

1Samuel 15 illustration - 1Samuel Chapter 15

6USawule wathi kumaKheni: “Hambani nimuke, nehle kuwo ama-Amaleki, funa nginichithe kanye nawo, ngokuba nabenzela umusa bonke abantwana bakwa-Israyeli ekukhuphukeni kwabo eGibithe.” Ayesesuka amaKheni phakathi kwama-Amaleki.

7USawule wahlula ama-Amaleki kusukela eHavila kuya ngaseShuri elingaphambi kwaseGibithe.

8Wabamba u-Agagi inkosi yama-Amaleki esaphilile, wachitha impela bonke abantu ngosiko lwenkemba.

9Kepha uSawule nabantu bayeka u-Agagi nezinhle nezikhulupheleyo zezimvu nezezinkabi, namawundlu, nakho konke okuhle; babengavumi ukukuqeda lokho; kodwa zonke izinto ezidelekileyo nezondileyo baziqeda nya.

10Lase lifika izwi likaJehova kuSamuweli, lithi:

1Samuel 15 illustration - 1Samuel Chapter 15

11“Ngiyazisola ukuthi ngibekile uSawule inkosi, ngokuba ubuyile ekungilandeleni, kafezanga amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuJehova ubusuku bonke.

12USamuweli wavuka kusasa ukuba amhlangabeze uSawule ekuseni; kwabikwa kuSamuweli ukuthi: “USawule wafika eKarmeli; bheka, wazimisela insika, wasuka, wadlula, wehla waya eGiligali.”

13USamuweli wafika kuSawule; uSawule wathi kuye: “Mawubusiswe nguJehova; sengifezile izwi likaJehova.”

14USamuweli wayesethi: “Kuthini, pho, lokhu kukhala kwezimvu ezindlebeni zami, nokukhala kwezinkabi engikuzwayo, na?”

15USawule wathi: “Babuye nazo kuma-Amaleki, ngokuba abantu bayeka ezinhle zezimvu nezezinkabi ukuba bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho; ezinye siziqedile nya.”

1Samuel 15 illustration - 1Samuel Chapter 15

16USamuweli wayesethi kuSawule: “Kahle, ngikutshele lokho uJehova akukhulumile kimi kulobu busuku.” Wathi kuye: “Khuluma.”

17Wathi uSamuweli: “Nakuba wawumncane emehlweni akho, awenziwanga yini waba yinhloko yezizwe zakwa-Israyeli na? UJehova wakugcoba, waba yinkosi phezu kuka-Israyeli.

18UJehova wakuthuma indlela, wathi: ‘Hamba uqede nya izoni, ama-Amaleki, ulwe nawo aze aphele.’

19Awulalelanga ngani izwi likaJehova, kepha watheleka phakathi kwempango, wenza okubi emehlweni kaJehova, na?”

20USawule wathi kuSamuweli: “Ngililalele izwi likaJehova, ngihambile indlela uJehova owangithuma yona, ngimlethile u-Agagi inkosi yama-Amaleki, ngachitha impela ama-Amaleki.

1Samuel 15 illustration - 1Samuel Chapter 15

21Kepha abantu bathatha kuyo impango, izimvu nezinkabi, okuhle kokuqalekisiweyo, ukuba bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho eGiligali.”

22USamuweli wathi: “UJehova uyenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.

23Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nokukhonza izithombe namatherafi. Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi.”

24USawule wayesethi kuSamuweli: “Ngonile, ngokuba ngeqile isiyalezo sikaJehova namazwi akho, lokhu ngesaba abantu, ngalalela izwi labo.

25Ngalokho ake uthethelele isono sami, ubuye nami ukuba ngikhuleke kuJehova.”

1Samuel 15 illustration - 1Samuel Chapter 15

26USamuweli wathi kuSawule: “Angiyikubuya nawe, ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye uJehova ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi phezu kuka-Israyeli.”

27USamuweli esephenduka ukuhamba, wabamba umphetho wengubo yakhe, yaklebhuka.

28USamuweli wathi kuye: “UJehova uklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, uwunikile umngane wakho omuhle kunawe.

29IThemba Lika-Israyeli aliyikuqamba amanga, lizisole, ngokuba alisiye umuntu ukuba lizisole.”

30Wayesethi: “Ngonile, kepha ake ungituse manje phambi kwamalunga abantu bami naphambi kuka-Israyeli, ubuye nami ukuba ngikhuleke kuJehova uNkulunkulu wakho.”

1Samuel 15 illustration - 1Samuel Chapter 15

31USamuweli wabuya, wamlandela uSawule; uSawule wakhuleka kuJehova.

32USamuweli wayesethi: “Lethani kimi u-Agagi inkosi yama-Amaleki.” U-Agagi wafika kuye esasile. U-Agagi wathi: “Impela umunyu wokufa udlulile.”

33USamuweli wathi: “Njengalokho inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana kunabanye.” USamuweli wayesehlahlela u-Agagi phambi kukaJehova eGiligali.

34USamuweli waya eRama, kepha uSawule wakhuphukela ekhaya eGibeya likaSawule.

35USamuweli akaphindanga ukumbona uSawule waze wafa, kepha uSamuweli wamkhalela uSawule; uJehova wazisola ukuthi wayembekile uSawule inkosi phezu kuka-Israyeli.

Chapter Complete

You have read 1Samuel 15

35 verses