1USolomoni wahlangana ngobuhlobo noFaro inkosi yaseGibithe, wathatha indodakazi kaFaro, wayingenisa emzini kaDavide, waze waqeda ukwakha indlu yakhe, nendlu kaJehova, nogange lwaseJerusalema nxazonke.
2Nokho abantu babehlaba ezindaweni eziphakemeyo, ngokuba kwakungakhelwanga igama likaJehova indlu kwaze kwaba yilezo zinsuku.
3USolomoni wamthanda uJehova, wahamba ngezimiso zikaDavide uyise; kepha wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
4Inkosi yaya eGibeyoni ukuhlabela khona, ngokuba kwakuyindawo ephakemeyo enkulu; uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa eyinkulungwane e-altare lelo.
5EGibeyoni uJehova wabonakala kuSolomoni ngephupho ebusuku; uNkulunkulu wathi:

6USolomoni wathi:
7Manje, Jehova Nkulunkulu wami, ubekile inceku yakho inkosi esikhundleni sikaDavide ubaba; ngingumntwana omncane nje, angikwazi nokungena nokuphuma.
8Inceku yakho iphakathi kwabantu bakho obakhethileyo, isizwe esikhulu, esingenakubalwa, esingenakuthathwa umumo waso ngobuningi.
9Ngalokho yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho ukuba ngahlukanise okuhle nokubi, ngokuba ngubani ongahlulela laba bantu bakho abakhulu kangaka na?
10Leyo nkulumo yaba nhle emehlweni eNkosi ukuba uSolomoni wayecele leyo nto.

11Wathi uNkulunkulu kuye:
12bheka, ngenzile njengezwi lakho: nakhu, ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda, okungazange kube khona okunjengakho ngaphambi kwakho nokungayikuvela futhi okunjengakho nangasemva kwakho.
13Ngikunika futhi nalokho ongakucelanga, imfuyo nodumo, ngangokuba kungayikubakho onjengawe phakathi kwamakhosi zonke izinsuku zakho.
14Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine izimiso zami nemiyalo yami, njengalokho uyihlo uDavide wahamba, ngiyakwandisa izinsuku zakho.
15USolomoni wayesephaphama; bheka, kwakuyiphupho; waya eJerusalema, wema phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova, wanikela ngeminikelo yokushiswa, wanikela ngeminikelo yokuthula, wazenzela izinceku zakhe zonke idili.

16Khona kwafika enkosini abesifazane ababili abayizifebe, bema phambi kwayo.
17Omunye owesifazane wathi:
18Kwathi ngosuku lwesithathu sengibelethile, lo wesifazane wabeletha naye; sasindawonye, kwakungekho mfokazi nathi endlini, kuyithina sobabili kuphela.
19Umfana walo wesifazane wafa ebusuku, ngokuba walala phezu kwakhe.
20Wavuka phakathi kwamabili, wathatha umfana wami eceleni kwami, incekukazi yakho ilele ubuthongo, wambeka esifubeni sakhe, wabeka umfana wakhe ofileyo esifubeni sami.

21Lapho sengivuka ekuseni ukuba ngimncelise umfana wami, bheka, wayesefile; kepha sengimbhekisisa ekuseni, bheka, kwakungesiye umfana wami engimzeleyo.
22Wayesethi omunye owesifazane:
23Yayisithi inkosi:
24Yathi inkosi:
25Yathi-ke inkosi:

26Wayesekhuluma enkosini owesifazane ongowakhe umntwana ophilayo, ngokuba izibilini zakhe zavutha ngomntanakhe, wathi:
27Yayisithatha inkosi, yathi:
28U-Israyeli wonke wezwa leso sahlulelo esenziwe yinkosi; bayesaba inkosi, ngokuba babona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakukuyo ekwahluleleni kwayo.
You have read 1Kings 3
28 verses