Lumina
1Kings

David's Charge; Solomon Established

1Kings 2·Zulu Bible

1Izinsuku zikaDavide zasondela ekufeni; wayesemyala uSolomoni indodana yakhe, ethi:

2Mina sengihamba indlela yawo wonke umhlaba; ngalokho qina, ube yindoda,

3ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo,

4ukuze uJehova aqinise izwi lakhe alikhuluma ngami ngokuthi: 'Uma abantwana bakho begcina indlela yabo ukuba bahambe phambi kwami eqinisweni ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo, awuyikuntula muntu - washo njalo - esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.'

5Futhi wena uyazi okwenziwayo kimi nguJowabe indodana kaSeruya, nalokho akwenzayo kuzo izinduna ezimbili zezimpi zakwa-Israyeli, o-Abineri indodana kaNeri no-Amasa indodana kaJetheri, owababulala, wachitha igazi lokulwa ngesikhathi sokuthula, wabeka igazi lokulwa kulo ibhande lakhe elalisokhalweni lwakhe nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.

1Kings 2 illustration - 1Kings Chapter 2

6Yenza njengokuhlakanipha kwakho, ungayehlisi impunga ngokuthula endaweni yabafileyo.

7Kepha yiba nomusa kumadodana kaBarizilayi wakwaGileyadi, abe khona phakathi kwabadla ngasetafuleni lakho, ngokuba enza kanjalo kimi mhla ngabalekela u-Abisalomu umfowenu.

8Bheka, ukhona nawe uShimeyi indodana kaGera wakwaBenjamini waseBahurimi, owangithuka ngokuthuka okwesabekayo mhla ngiya eMahanayimi; kepha wehla ukungihlangabeza ngaseJordani, ngafunga kuye uJehova ngokuthi: 'Angiyikukubulala ngenkemba.'

9Ngalokho ungamyeki abe ngongenacala, ngokuba wena ungumuntu ohlakaniphileyo, uyakwazi okufanele ukuba ukwenze kuye, wehlise impunga endaweni yabafileyo inegazi.

10UDavide wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide.

1Kings 2 illustration - 1Kings Chapter 2

11Izinsuku uDavide abusa ngazo phezu kuka-Israyeli zaziyiminyaka engamashumi amane; iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebroni, iminyaka engamashumi amathathu nantathu wabusa eJerusalema.

12USolomoni wayesehlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide uyise; umbuso wakhe waqiniswa kakhulu.

13Wayesefika u-Adoniya indodana kaHagiti kuBati Sheba unina kaSolomoni. Wathi:

14Wayesethi:

15Wathi-ke:

1Kings 2 illustration - 1Kings Chapter 2

16Sengicela into inye kuwe, ungangifulatheli.

17Wayesethi:

18UBati-Sheba wathi:

19Wayesehamba uBati Sheba, waya enkosini uSolomoni ukuba amkhulumele u-Adoniya kuyo. Inkosi yasukuma ukumhlangabeza, yamkhothamela, yahlala esihlalweni sayo sobukhosi, yambekela unina wenkosi isihlalo, wahlala ngakwesokunene sayo.

20Wayesethi kuyo:

1Kings 2 illustration - 1Kings Chapter 2

21Wathi-ke:

22Inkosi uSolomoni yaphendula, yathi kunina:

23Inkosi uSolomoni yayisifunga uJehova ngokuthi:

24Ngalokho, kuphila kukaJehova ongiqinisileyo, wangibeka esihlalweni sobukhosi sikaDavide ubaba, wangenza indlu njengokukhuluma kwakhe; namhla nje uyakubulawa u-Adoniya.

25Inkosi uSolomoni yayisithumela ngesandla sikaBenaya indodana kaJehoyada: wamsukela; wafa.

1Kings 2 illustration - 1Kings Chapter 2

26Inkosi yathi ku-Abiyathara umpristi:

27USolomoni wayesemxosha u-Abiyathara, angabe esaba ngumpristi kuJehova, ukuba agcwalise izwi likaJehova alikhuluma ngendlu ka-Eli eShilo.

28Lapho kufika umbiko kuJowabe ngokuba uJowabe - wayemlandele u-Adoniya noma engamlandelanga u-Abisalomu uJowabe - wabaleka, waya etendeni likaJehova, wabamba izimpondo ze-altare.

29Inkosi uSolomoni yatshelwa ukuthi:

30UBenaya wafika etendeni likaJehova, wathi kuye:

1Kings 2 illustration - 1Kings Chapter 2

31Inkosi yathi kuye:

32UJehova uyakulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe, ngokuba wasukela amadoda amabili alungileyo amahle kunaye, wawabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi: u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakwa-Israyeli, no-Amasa indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.

33Igazi labo liyakubuyela ekhanda likaJowabe nasekhanda lenzalo yakhe kuze kube phakade; kepha kuDavide, nakuyo inzalo yakhe, nakuyo indlu yakhe, nakuso isihlalo sakhe sobukhosi kuyakuba ngukuthula kuze kube phakade, kuvela kuJehova.

34Wayesenyuka uBenaya indodana kaJehoyada, wamsukela, wambulala; wembelwa endlini yakhe ehlane.

35Inkosi yayisimbeka uBenaya indodana kaJehoyada phezu kwempi esikhundleni sakhe; uSadoki umpristi inkosi yambeka esikhundleni sika-Abiyathara.

1Kings 2 illustration - 1Kings Chapter 2

36Inkosi yathuma yambiza uShimeyi, yathi kuye:

37Ngokuba mhla uphuma, uwele umfudlana iKidroni, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa; igazi lakho liyakuba sekhanda lakho.

38Wayesethi uShimeyi enkosini:

39Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emithathu izinceku ezimbili zikaShimeyi zabaleka, zaya ku-Akhishi indodana kaMahakha inkosi yaseGati. UShimeyi watshelwa ukuthi:

40Wayesesuka uShimeyi, wabophela imbongolo yakhe, waya eGati ku-Akhishi ukuba afune izinceku zakhe; wahamba uShimeyi, wazibuyisa izinceku zakhe eGati.

1Kings 2 illustration - 1Kings Chapter 2

41Kwabikelwa uSolomoni ukuthi uShimeyi wayesukile eJerusalema ukuya eGati nokuthi ubuyile.

42Inkosi yayisithuma yambiza uShimeyi, yathi kuye:

43Pho, awugcinanga ngani isifungo sikaJehova nomyalo engakuyala ngakho na?

44Inkosi yathi futhi kuShimeyi:

45Kepha inkosi uSolomoni iyakubusiswa, nesihlalo sobukhosi sikaDavide siyakuqiniswa phambi kukaJehova kuze kube phakade.

1Kings 2 illustration - 1Kings Chapter 2

46Ngokuyala kwenkosi uBenaya indodana kaJehoyada waphuma wamsukela; wafa. Umbuso wawusulokhu uqiniswa njalo esandleni sikaSolomoni.

Chapter Complete

You have read 1Kings 2

46 verses