Lumina
1Kings

The Queen of Sheba

1Kings 10·Zulu Bible

1Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni ngegama likaJehova yeza ukumvivinya ngezimfumbe.

2Yeza eJerusalema inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha, negolide eliningi kakhulu, namatshe ayigugu; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.

3USolomoni wayiphendula ezindabeni zayo zonke. Kwakungekho nto eyayifihlelwe inkosi, engayitshelanga yona.

4Inkosikazi yaseSheba isibonile konke ukuhlakanipha kukaSolomoni, nendlu ayakhileyo,

5nokudla kwasetafuleni lakhe, nokuhlala kwezinceku zakhe, nokuma kwezikhonzi zakhe, nezambatho zazo, nabaphathizitsha bakhe, nomnikelo wakhe wokushiswa owanikela ngawo endlini kaJehova, akwabe kusabakho moya kuyo.

1Kings 10 illustration - 1Kings Chapter 10

6Yathi enkosini: “Yayiqinisile indaba engayizwa ezweni lami ngamazwi akho nangokuhlakanipha kwakho.

7Kepha angikholwanga ngamazwi ngaze ngafika, kwabona amehlo ami; bheka, angitshelwanga nanxenye; udlula ngokuhlakanipha nenhlanhla udumo engaluzwa.

8Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezimi njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho.

9Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli; ngokuba uJehova wamthanda u-Israyeli kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.”

10Yanika inkosi amatalenta ayikhulu namashumi amabili egolide, namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kusafika amakha amaningi kangaka njengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wona yinkosikazi yaseSheba.

1Kings 10 illustration - 1Kings Chapter 10

11Nemikhumbi kaHiramu eyathwala igolide livela e-Ofiri yathutha futhi e-Ofiri imi-alimugi namatshe ayigugu.

12Ngemi-alimugi inkosi yenzela indlu kaJehova nendlu yenkosi izinsika kanye namahabhu nezingubhu zabahlabeleli; imi-alimugi eminingi kangaka ayizange isafika, kayibonwanga futhi, kuze kube namuhla.

13Inkosi uSolomoni yanika inkosikazi yaseSheba konke ekufunayo nekucelayo ngaphandle kwalokho uSolomoni ayinika khona ngokuphana kwenkosi. Yayisibuya, yaya ezweni layo, yona nezinceku zayo.

14Isisindo segolide elalifika kuSolomoni iminyaka yonke sasingamatalenta angamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha egolide

15ngaphandle kokuvela kubahwebi, nasenzuzweni yabathengisi, nasemakhosini ase-Arabiya, nakubabusi bezwe.

1Kings 10 illustration - 1Kings Chapter 10

16Inkosi uSolomoni yenza izihlangu ezingamakhulu amabili zegolide elikhandiweyo, kwaba ngamashekeli angamakhulu ayisithupha egolide elikhandiweyo kuso isihlangu sisinye,

17kanjalo namahawu angamakhulu amathathu egolide elikhandiweyo, amamane amathathu egolide kulo ihawu lilinye; inkosi yawabeka endlini yehlathi laseLebanoni.

18Inkosi yenza nesihlalo sobukhosi esikhulu sezimpondo zendlovu, yasinameka ngegolide elicwengekileyo.

19Isihlalo sobukhosi sasinezikhwelo eziyisithupha, isihloko saso sasiyisiyingelezi emuva; kwakukhona imikhono ngalapha nangalapha kwendawo yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili ngaseceleni kwemikhono.

20Kwakumi izingonyama eziyishumi nambili ngalapha nangalapha ezikhwelweni eziyisithupha. Okunjalo akwenziwanga komunye umbuso.

1Kings 10 illustration - 1Kings Chapter 10

21Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zaziyigolide, nazo zonke izitsha zendlu yehlathi laseLebanoni zaziyigolide elicwengekileyo, kungekho ezesiliva, lona lingento yalutho emihleni kaSolomoni.

22Ngokuba inkosi yayinemikhumbi yaseTharishishi elwandle kanye nemikhumbi kaHiramu; kanye ngeminyaka emithathu yafika imikhumbi yaseTharishishi iletha igolide, nesiliva, nezimpondo zendlovu, nezimfene, namapikoko.

23Inkosi uSolomoni yaba nkulu kunawo onke amakhosi omhlaba ngengcebo nangokuhlakanipha.

24Wonke umhlaba wafuna ukubona ubuso bukaSolomoni ukuba uzwe ukuhlakanipha kwakhe, uNkulunkulu akubekile enhliziyweni yakhe.

25Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe, izitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi, okwenziwa iminyaka ngeminyaka.

1Kings 10 illustration - 1Kings Chapter 10

26USolomoni wabutha izinqola nabamahhashi; wayenezinqola eziyinkulungwane namakhulu amane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili owakubeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.

27Inkosi yenza isiliva livame eJerusalema njengamatshe, nemisedari yayenza ibe njengemithombe esigodini ngobuningi.

28Amahhashi uSolomoni ayenawo ayekhishwe eGibithe naseKuwe; abathengi benkosi bawamukela eKuwe ngemali yawo.

29Inqola yenyuka yaphuma eGibithe ngamashekeli angamakhulu ayisithupha esiliva nehhashi ngayikhulu namashumi ayisihlanu; bawakhiphela kanjalo onke amakhosi amaHeti namakhosi ase-Aramu ngezandla zabo.

Chapter Complete

You have read 1Kings 10

29 verses