Lumina
1Chronicles

Tribes of Issachar, Benjamin

1Chronicles 7·Zulu Bible

1Amadodana ka-Isakare: ngoThola, noPhuwa, noJashubi, noShimroni, bebane.

2Amadodana kaThola: ngo-Uzi, noRefaya, noJeriyeli, noJahemayi, no-Ibisamu, noShemuweli, izinhloko zezindlu zawoyise, abakwaThola, amaqhawe anamandla ngezizukulwane zawo; umumo wawo ngezinsuku zikaDavide wawuyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu ayisithupha.

3Amadodana ka-Uzi: nguJizirahiya; amadodana kaJizirahiya: ngoMikayeli, no-Obadiya, noJoweli, noJishiya, beyisihlanu, beyizinhloko bonke.

4Kanye nawo kwakukhona ngezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise amaviyo empi yokulwa, abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha, ngokuba babe nabafazi abaningi namadodana amaningi.

5Abafowabo kuyo yonke imindeni ka-Isakare, amaqhawe anamandla, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa, bebhalwe bonke ngezizukulwane zabo.

1Chronicles 7 illustration - 1Chronicles Chapter 7

6Amadodana kaBenjamini: ngoBela, noBekeri, noJediyayeli, bebathathu.

7Amadodana kaBela: ngo-Esiboni, no-Uzi, no-Uziyeli, noJerimoti, no-Iri, beyisihlanu, izinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namashumi amathathu nane, bebhalwe ngezizukulwane zabo.

8Amadodana kaBekeri: ngoZemira, noJowashi, no-Eliyezeri, no-Eliyohenayi, no-Omri, noJeremoti, no-Abiya, no-Anathoti, no-Alemeti. Bonke labo babe ngamadodana kaBekeri.

9Babhalwa ngezizukulwane zabo, beyizinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu amabili.

10Amadodana kaJediyayeli: nguBilihani; amadodana kaBilihani: ngoJewushe, noBenjamini, no-Ehudi, noKhenahana, noZethani, noTharishishi, no-Ahishahari.

1Chronicles 7 illustration - 1Chronicles Chapter 7

11Bonke labo babe ngamadodana kaJediyayeli ngezinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane eziyishumi nesikhombisa namakhulu amabili abangaphuma impi ukuyokulwa.

12OShuphimi noHuphimi babe ngamadodana ka-Iri; uHushimi wayeyindodana ka-Aheri.

13Amadodana kaNafetali: ngoJasiyeli, noGuni, noJeseri, noShalumi, amadodana kaBiliha.

14Amadodana kaManase: ngu-Asiriyeli owamzalelayo umkakhe; isancinza sakhe umAramukazi sazala uMakiri uyise kaGileyadi.

15UMakiri wathathela oHuphimi noShuphimi abafazi; igama likadadewabo lalinguMahakha. Igama lowesibili lalinguSelofehadi; uSelofehadi wayenamadodakazi.

1Chronicles 7 illustration - 1Chronicles Chapter 7

16UMahakha umkaMakiri wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uPhereshi; igama lomfowabo lalinguShereshi; amadodana akhe ayengo-Ulamu noRakemi.

17Amadodana ka-Ulamu: nguBedani. Labo babe ngamadodana kaGileyadi kaMakiri kaManase.

18Udadewabo uHamoleketi wazala o-Ishihodi, no-Abiyezeri, noMahela.

19Amadodana kaShemida ayengo-Ahiyani, noShekemi, noLikihi, no-Aniyamu.

20Amadodana ka-Efrayimi: ngoShuthela, noBeredi indodana yakhe, noTahati indodana yakhe, no-Eleyada indodana yakhe, noTahati indodana yakhe,

1Chronicles 7 illustration - 1Chronicles Chapter 7

21noZabadi indodana yakhe, noShuthela indodana yakhe, no-Ezeri no-Eleyadi ababulawa ngabantu baseGati ababezelwe kulelo zwe, ngokuba behla ukuthatha izinkomo zabo.

22U-Efrayimi uyise walila izinsuku eziningi; abafowabo beza ukumduduza.

23Wangena kumkakhe; wamitha, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uBeriya, ngokuba indlu yakhe yayisengozini.

24Indodakazi yakhe yayinguSheyera owakha iBeti Horoni laseNzansi nelaseNhla, ne-Uzeni Sheyera.

25URefa wayeyindodana yakhe, noReshefi, noThela indodana yakhe, noThahani indodana yakhe,

1Chronicles 7 illustration - 1Chronicles Chapter 7

26noLadani indodana yakhe, no-Amihudi indodana yakhe, no-Elishama indodana yakhe,

27noNuni indodana yakhe, noJoshuwa indodana yakhe.

28Ifa labo nezindawo zabo zokuhlala kwakuyiBethele nemizana yalo, nangasempumalanga iNaharani, nangasentshonalanga iGezeri nemizana yalo, neShekemi nemizana yalo, kwaze kwaba se-Aya nemizana yalo;

29nangasemikhawulweni yabantwana bakwaManase iBeti Sheyani nemizana yalo, neThahanaki nemizana yalo, neMegido nemizana yalo, neDori nemizana yalo. Kuleyo kwahlala abantwana bakaJosefa indodana ka-Israyeli.

30Amadodana ka-Asheri: ngoJimna, no-Ishiva, no-Ishivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo.

1Chronicles 7 illustration - 1Chronicles Chapter 7

31Amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli owayenguyise kaBirizayiti.

32UHebere wazala oJafeleti, noShomeri, noHothamu, noShuwa udadewabo.

33Amadodana kaJafeleti: ngoPhasaki, noBimihali, no-Ashivati. Labo babe ngabantwana bakaJafeleti.

34Amadodana kaShemeri: ngo-Ahi, noRohiga, noJehuba, no-Aramu.

35Amadodana kaHelemi umfowabo: ngoSofa, noJimna, noSheleshi, no-Amali.

1Chronicles 7 illustration - 1Chronicles Chapter 7

36Amadodana kaSofa: ngoShuwa, noHarineferi, noShuhali, noBeri, no-Imra,

37noBeseri, noHodi, noShama, noShilisha, noJitrani, noBeyera.

38Amadodana kaJetheri: ngoJefune, noPhisipha, no-Ara.

39Amadodana ka-Ula: ngo-Ara, noHaniyeli, noRisiya.

40Bonke labo babe ngabantwana baka-Asheri, izinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe akhethekileyo anamandla, izinhloko zezikhulu. Umumo wabo ubhalwe ngezizukulwane zabo ukuba balwe empini wawungabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesithupha.

Chapter Complete

You have read 1Chronicles 7

40 verses