Lumina
1Chronicles

David's Wars

1Chronicles 20·Zulu Bible

1Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi, uJowabe wahola amaqhawe empi, wachitha izwe labantwana bakwa-Amoni, weza wavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema. UJowabe walinqoba iRaba, walidiliza.

2UDavide wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo, wafumana isisindo sawo ukuthi sasiyitalenta legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; wakhipha emzini impango eningi kakhulu.

3Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo, wabanquma ngamasaha, nangezibhuqo zensimbi, nangamazembe; wenze njalo uDavide kuyo yonke imizi yabantwana bakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.

4Emva kwalokho kwavuka impi namaFilisti eGezeri; khona uSibekayi, umHushati, wabulala uSiphayi wamadodana amaRefa; anqotshwa.

5Kwabuye kwaba khona impi namaFilisti; u-Elihanani, indodana kaJayire, wabulala uLahimi umfowabo kaGoliyati, umGiti, oluthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki.

1Chronicles 20 illustration - 1Chronicles Chapter 20

6Kwabuye kwaba khona impi eGati, lapho kwakukhona umuntu omude; iminwe yakhe nezinzwani zakhe kwakungamashumi amabili nane, isithupha esandleni sisinye, nesithupha onyaweni lulunye; naye wazalwa yiRefa.

7Wameyisa u-Israyeli; ngalokho uJonathani indodana kaShimeya umfowabo kaDavide wambulala.

8Labo bazalwa ngamaRefa eGati, bawa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.

Chapter Complete

You have read 1Chronicles 20

8 verses