Lumina
1Chronicles

David's Family and Victories

1Chronicles 14·Zulu Bible

1UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari, nabakhi, nababazi ukuba bamakhele indlu.

2UDavide waqonda ukuthi uJehova wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, ngokuba umbuso wakhe waphakanyiselwa phezulu ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.

3UDavide wathatha abanye abafazi eJerusalema, uDavide wazala amanye amadodana namadodakazi.

4Nanka amagama abantwana ayenabo eJerusalema: oShamuvwa, noShobabi, noNathani, noSolomoni,

5noJibari, no-Elishuwa, no-Elipheleti,

1Chronicles 14 illustration - 1Chronicles Chapter 14

6noNoga, noNefegi, noJafiya,

7no-Elishama, noBeyeliyada, no-Elifeleti.

8AmaFilisti esezwile ukuthi uDavide ugcotshiwe ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli wonke, onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide; uDavide wakuzwa, waphuma ukuwahlasela.

9AmaFilisti esefikile ukungenela isiGodi samaRefa,

10uDavide wabuza kuNkulunkulu, wathi: “Ngenyukele ukuhlasela amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na?” UJehova wathi kuye: “Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela esandleni sakho.”

1Chronicles 14 illustration - 1Chronicles Chapter 14

11Base benyukela eBali Pherasimi, uDavide wawachitha; uDavide wathi: “UNkulunkulu ufohlele izitha zami ngesandla sami njengokufohla kwamanzi.” Ngalokho baqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBali Pherasimi.

12Ashiya khona onkulunkulu bawo; uDavide wathi mabashiswe ngomlilo.

13AmaFilisti abuye angenela isigodi.

14UDavide waphinda wabuza kuNkulunkulu; uNkulunkulu wathi kuye: “Ungenyuki emva kwawo; wagwegwesele, uwafikele malungana namajikijolo.

15Kuyakuthi lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo, uphume impi, ngokuba uNkulunkulu uphumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti.”

1Chronicles 14 illustration - 1Chronicles Chapter 14

16UDavide wenza njengokumyala kukaNkulunkulu, bachitha impi yamaFilisti kusukela eGibeyoni kuze kube seGezeri.

17Igama likaDavide laphumela emazweni onke; uJehova wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.

Chapter Complete

You have read 1Chronicles 14

17 verses